Ukudoba izinhlanzi ukuze uziphilise kusebenza emiphakathini eseduzane nolwandle imiphakathi ethembele kokudotshiwe ukuze idle, noma benalo ilungelo lokuthengisa noma bashintshise ngokunye. Okwamanje abaziphilisa ngokudoba izinhlanzi babhekwe ngokunikwa imvume yokudoba kuze kubekhona umgomo wezokudoba. Ukuze umuntu akwazi ukudobela ukuziphilisa kumele afake isicelo sokunikezwa imvume abese uyakhululwa ukuthi adobele ukuziphilisa.
Ukuze usebenzise ilungelo lakho lokudoba faka isicelo sokukhululwa ozolinikezwa ngungqongqoshe wegatsha eliphethe izindaba zenhlalo yendawo nezokuvakasha noma isiphathimandla esigunyazwe ukwenza lowomsebenzi ngaphasi kukasekisheni 18 womthetho wezilwane eziphila emanzini ka 1998 . Ukuze akhululwe umuntu kumele afake isicelo sakhe kwikomidi eseduze naye ebekelwe ukwenza lomsebenzi aphinde agcine izidingo ezibekiwe. Ngokomthetho akekho umuntu ozovele ayodobela ukuziphilisa ngaphandle kwemvume.
Imvume iyavuselelwa njalo ngomnyaka, uma uhluleke ukuthobela umthetho wokukhululwa ukuthi udobe imvume yakho izokumiswa, noma ichithwe noma ilungelo lakho lihoxiswe.
Faka isicelo sokukhululwa ukuthi udobe kwikomidi ephethe lowomsebenzi eseduze nawe uma imvume yakho isiphelile njalo ekupheleni komnyaka.
Abaqalisayo ukucela imvume kumele bagcine izidingo ezibekiwe zokudobela ukuziphilisa ngaphambi kokuthi banikezwe imvume.
Ofaka isicelo kumele asho ukuthi uzodoba izinhlanzi ezinjani.
Kuyahlolwa ukuthi imvume yakho iyisima kanjani ngaphambi kokuthi unikezwe imvume yomnyaka olandelayo, uma kukhona abangakufezi okubekiwe, bayasulwa ohlwini lwabantu abanemvume.
Izisebenzi zegatsha zibiza umhlangano womphakathi ukuzonikeza imvume kubo bonke ababhalisele ukudoba.
Izisebenzi zegatsha zichaza izimiselo zemvume kanye nokuthi kumele badobe okungakanani.
Bonke abanikezwe imvume bayasayina ohlwini ukuze bakhombise ukuthi bayemukele imvume.
Kungathatha inyanga yinye noma ngaphezudlwana ukusebenza isicelo sakho, kuzoya ngokuthi zingakanani izicelo ezifakiwe.
Awekho amafomu okumele agcwaliswe.
